Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma kuphakama icala kini elinzima kakhulu enkantolo, phakathi kwegazi negazi, naphakathi kokunxusa nokunxusa, naphakathi kokushaywa nokushaywa, okuyindaba yombango phakathi kwamasango enu; khona-ke uyakusukuma, ukhuphukele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:8
28 Referans Kwoze  

Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi:


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi,


“Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,


“ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


“Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.


“Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe, inkabi yokhandwa ngamatshe impela, inyama yayo ingadliwa; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.


“Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo, size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.


“Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.


Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.


UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.


Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


“ ‘Ekuphikisaneni bayakuma ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zami, bagcine imithetho yami nezimiso zami emikhosini yonke yami, balingcwelise isabatha lami.


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;


U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.”


KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite