Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 17:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 17:16
23 Referans Kwoze  

Kepha wahlubuka kuyo ngokuthuma izithunywa zakhe eGibithe ukuba aphiwe amahhashi nabantu abaningi. Uyakuphumelela, uyakubaleka yini owenzayo lokho, uyakusaphula isivumelwano, aphunyuke, na?


UJehova uyakukubuyisela eGibithe ngemikhumbi ngendlela engasho ngayo kuwe ukuthi: ‘Awusayikuyibona futhi.’ Lapho niyakuzithengisa ezitheni zenu nibe yizigqila nezigqilakazi, ningathengwa muntu kodwa.”


“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?


Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.


Kwathi uFaro esebavumele abantu ukuba bahambe, uNkulunkulu akabaholanga ngendlela yasezweni lamaFilisti, noma kwakuyiyona eseduze; ngokuba uNkulunkulu wathi: “Funa mhlawumbe abantu bazisole, nxa bebona impi, babuyele eGibithe.”


U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: “Mina ngiyakuba yinkosi.” Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


Wathi: “Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezine zamahhashi nezinqola, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owababeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.


Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.


Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo.


Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.


“UJehova ukhulumile ngani ukuthi: ‘Wena nsali yakwaJuda, ungayi eGibithe;’ yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla.


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,


“Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari* eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite