Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ungazimiseli nansika uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Futhi ungazimiseli izithombe; uJehova uNkulunkulu wakho azizondayo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:22
13 Referans Kwoze  

“ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;


Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo.


Kepha unalokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikolawu engiyizondayo nami.


ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga, ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo,” usho uJehova.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.


Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


“Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


Bazimisela izinsika nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite