Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngakho uzahlabela uJehova uNkulunkulu wakho iphasika endaweni yezimvu leyenkomo endaweni uJehova azayikhetha ukuthi abeke khona ibizo lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:2
19 Referans Kwoze  

Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,


“Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,


Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.


Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.


Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”


Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?”


Kepha ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: “Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?”


“Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”


UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.


Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.


kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.


kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


“Futhi abantwana bakwa-Israyeli bayakugcina iphasika ngesikhathi salo esinqunyiweyo.


“Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.


Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: “Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite