Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:19
35 Referans Kwoze  

“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


“Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo;


Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.


Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.


“Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.


Impela ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo, nokuthengwa ngomvuzo kuchitha ingqondo.


Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.


“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?”


Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”


Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele, nemfanelo yabampofu abayahluleli.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


nompofu awuyikumvuna ecaleni lakhe.


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Kwathi uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe abe ngabahluleli phezu kuka-Israyeli.


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.


Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.


funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.


“ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite