Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uyakugcina umkhosi wamasonto wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho ngentela yomnikelo wesihle esandleni sakho oyakunikela ngayo kuJehova uNkulunkulu wakho, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 16:10
22 Referans Kwoze  

Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


Kulokhu nginitshela ukubona kwami; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda;


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu.


uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu,


Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,


“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”


“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.


“Wozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa.


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


“ ‘Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.


UKore, indodana kaJimna umLevi, umlindisango wasesangweni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite