Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 15:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 uyakuthatha usungulo, ubhobozele indlebe yakhe emnyango, abeseba yinceku yakho kuze kube phakade. Nakuyo incekukazi yakho uyakwenze njalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 uyothatha usungulo umbhoboze indlebe esesemnyango; abe yinceku yakho kuze kube phakade. Uyokwenza kanjalo nasencekukazini yakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uthathe usungulo, ulubhoboze endlebeni yakhe ngasemnyango, abe yinceku yakho kuze kube phakade. Wenze njalo nangencekukazi yakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 15:17
6 Referans Kwoze  

Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: “Hhayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.”


“Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi: ‘Ngiyathanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile,’


khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu, isimise emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo, size simkhonze kuze kube phakade.


“Kuyakuthi uma ethi kuwe: ‘Angiyikusuka kuwe,’ lokhu ekuthanda wena nendlu yakho, ngokuba ehlala kahle kuwe,


“Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite