Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 15:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho, nangokwesibuya sakho, nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Uyomupha kuvame izimvu, nanoma yini evela esibuyeni sakho, nasesikhamweni sakho sewayini; njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile, wenze kanjalo nakuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kumelwe umnikeze ngesandla esivulekile emhlambini wakho wezimvu nezimbuzi, nasesibuyeni sakho, nasesikhamweni sakho sewayini; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho, kumelwe umnike yena.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 15:14
8 Referans Kwoze  

Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.


Ibandla lakho lakha kulo; ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.


Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”


Nxa umyekela ukuba ahambe, awuyikummukisa ze.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


Uyaphana, uyabanika abampofu; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade; uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite