Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 15:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi: ‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Abampofu bayohlala bekhona ezweni; ngakho-ke ngiyaniyala, ngithi: ‘Niyomvulela nokumvulela umfowenu isandla senu ngokuphana, abampofu bakini nabasweleyo bakini ezweni lakini.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngalokho ngiyakuyala, ngithi: Womvulela kakhulu umfowenu isandla sakho, ompofu wakho nompofu wakho ezweni lakini.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 15:11
17 Referans Kwoze  

Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.


ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.


Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”


kepha umvulele nokumvulela isandla sakho, umtsheleke impela okwanele ukudinga kwakhe akuswelayo.


Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.


Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.


bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo.


Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.


“Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,


Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho.


Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite