Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 15:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika, ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Niyomnika ngokwevile, nangenhliziyo ekhululekile ngesikhathi nimnika, ngokuba ngenxa yalokho uSimakade uNkulunkulu wakho uyowubusisa wonke umsebenzi wenu, nakho konke enibeka isandla senu kukho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Womnika nokumnika, inhliziyo yakho ingabi lusizi, uma umnika yona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa ngale ndaba kuyo yonke imisebenzi yakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 15:10
21 Referans Kwoze  

Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


“Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.


Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.


“Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’


“Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa.


Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.


“UJehova uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho ezinqolobaneni zakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho, akubusise ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.


“Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite