Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 14:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Uyonikela okweshumi kwezithelo zonke zembewu yakho, ezivela ensimini unyaka nonyaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kumelwe ukhiphe okweshumi kuyo yonke imbewu yakho ekhiqizwa izwe unyaka nonyaka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 14:22
13 Referans Kwoze  

silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.


Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,


nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,


“Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.


naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”


Ngolibo lomgqakazo wenu niyakunikela ngeqebelengwane libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyakuwenza kanjalo.


Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.


Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”


UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.


Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.


Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite