Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 14:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngoba niyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wenu, futhi uJehova ukukhethile ukuba nibe yisizwe esikhethekile kuzo zonke izizwe ezisemhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 14:2
23 Referans Kwoze  

Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.


kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


“Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


“UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.


Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.


Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengiweyo bakaJehova; wena uyakuthiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiyiwe.


Iyakuba namandla amakhulu, ingenamandla eyokuqala kodwa; iyakuchitha ngokumangalisayo, iphumelele ukukwenza; iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,


Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo, yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte* ne-oki* okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”


wena engikuthathile emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emagumbini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami,’ ngikukhethile, angikulahlanga;


U-Israyeli ungcwele kuJehova, ululibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.


Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.


“UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite