Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Lapho ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:18
12 Referans Kwoze  

Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.


“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


“Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite