Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kumelwe nimkhande ngamatshe, afe; ngoba wazama ukukuxotsha kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, endlini yobugqili.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:10
15 Referans Kwoze  

UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”


“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.


Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ”


uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.


Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.


Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani, umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite