Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Uma kuba khona umphrofethi phakathi kwenu, noma ophupha amaphupho, anitshele isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso,

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 13:1
27 Referans Kwoze  

Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya, kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’


Ilunga nophakemeyo bayikhanda, nomprofethi ofundisa amanga ungumsila.


Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.


lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,


Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.


Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.


Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.


“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.


“Kuyakuthi ngalolo suku abaprofethi babe namahloni, kube yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;


Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.


ngalokho anisayikubona okuyize, ningabe nisabhula ukubhula; ngiyakubophula abantu bami esandleni senu, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


“Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu; nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.


“Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;


KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi:


Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’


Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga laba bantu,” usho uJehova.


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.


Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite