Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Niyakudiliza ama-althare azo, niphihlize izinsika zazo, nishise ngomlilo o-Ashera bazo, ninqume izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo, nilishabalalise igama lazo kuleyo ndawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kumelwe nigumbuqele ama-altare abo, niphihlize izinsika zabo futhi nishise iziqu zabo zemithi ngomlilo; futhi kumelwe nigawule izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo nichithe amagama azo kuleyo ndawo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 12:3
25 Referans Kwoze  

kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,


“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.


Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi; angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.


Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.


Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.


Ngiyakubasiphula o-Ashera* bakho phakathi kwakho, ngiyichithe imizi yakho.


Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.


abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.


Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile o-Ashera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera,* wachitha inyoka yethusi ayeyenzile uMose, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babeshisa impepho kuyo kwaze kwaba ngalezo zinsuku; yabizwa ngokuthi uNehushitani.


Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*


Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.


Kepha niyakuwadiliza ama-altare abo, niziphahlaze izinsika zabo, nibagawule o-Ashera* babo,


Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;


“Nina aniyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wenu.


Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova.


Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani, umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi.


Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu, lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe, lapho enza ukuba onke amatshe e-altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera* nama-altare empepho.


U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite