Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 12:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 “Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 “Izinto zenu ezingcwele ezingezenu nezithembiso zenu niyozithatha, niye nazo endaweni ayakuyikhetha uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Izipho zenu ezingcwele kuphela eninazo, nezithembiso zenu, niyakuhamba niye endaweni uJehova ayakuyikhetha.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 12:26
10 Referans Kwoze  

Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”


Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,


UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite