Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 12:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Qaphelani nje ukuthi kalidli igazi, ngoba igazi liwukuphila; futhi aniyikudla ukuphila kanye nenyama.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 12:23
17 Referans Kwoze  

Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


“Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.


Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.


Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo.


Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi.


Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.


Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.


Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.” Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.”


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite