Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 “Ngalokho-ke niyoyigcina yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla ukuze nibe namandla, ningene, nilidle izwe eniwelela kulo ukuba nilidle,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho anogcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, nithathe izwe eningena kulo ukulidla;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:8
19 Referans Kwoze  

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;


Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”


Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.


niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.


UJehova wanginika ngaleso sikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite