Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa amehlo enu abonile zonke izenzo zikaJehova ezinkulu azenzile.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:7
12 Referans Kwoze  

Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu.


ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.


Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.


UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.


nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.


“Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,


“Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali Peyori.


Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”


UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:


U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite