Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 “Uma niyigcina nokuyigcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, ukuba nimthande uSimakade uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nithande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe zonke, ninamathele kuye;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:22
13 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.


wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’


ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”


Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.


“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova.


uma ugcina yonke le miyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite