Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana bakho ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukuthi uzobanika lona, inqobo nje uma umkhathi usephezu komhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ukuze izinsuku zenu nezinsuku zabantwana benu zande ezweni uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:21
13 Referans Kwoze  

Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.


ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.


Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.


Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane.


Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”


Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.


“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.


Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.


“Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite