Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Khona-ke ulaka lukaJehova lunivuthela, wavala izulu ukuba kungabikho mvula, nomhlabathi unganiki izithelo zawo; futhi ningashabalali masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:17
18 Referans Kwoze  

“Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa,


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


“Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nale ndawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa,


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.


ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.


“Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.


Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.


Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite