Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyodla, waneliswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakuthumelela izinkomo zakho utshani edlelweni lakho, udle, usuthe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:15
12 Referans Kwoze  

nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe,


Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni,


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.


“Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.


Yebo, nendluzele izalela endle, ilishiye izinyane, ngokuba utshani abukho.


U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”


Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.


Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite