Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 11:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Liyizwe uSimakade uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaSimakade uNkulunkulu wakho ahlala eliqaphe njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni kwawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Izwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 11:12
8 Referans Kwoze  

Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


UJehova wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa kwakho onxuse ngakho phambi kwami; ngiyingcwelisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke khona igama lami kuze kube phakade; amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba khona izinsuku zonke.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.


Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda, ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu, kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’


Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite