Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Siyakukhuphukelaphi na? abafowethu badikibalisa izinhliziyo zethu ngokuthi: Abantu bakhulu futhi bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe ngezindonga kuze kufike ezulwini; futhi sabona amadodana ama-Anaki lapho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:28
20 Referans Kwoze  

Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.


Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.


Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.


Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”


Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.


UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’


Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.


Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”


“Ngase ngithi kini: ‘Ningashaywa luvalo, ningabesabi.


Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;


“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’


Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite