Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 USimakade uNkulunkulu wokhokho benu makanithasisele kayinkulungwane, anibusise njengalokhu angitshela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 (UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makanandise ngokuphindwe kayinkulungwane kunalokhu eniyikho, anibusise njengokuthembisa kwakhe kini!)

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:11
16 Referans Kwoze  

UJehova uyakunandisa, nina nabantwana benu.


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”


Wayesethi uJowabe enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?”


ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.


UNkulunkulu wathi kuBileyamu: “Awuyikuhamba nawo; awuyikuqalekisa abantu, ngokuba babusisiwe.”


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?


Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite