Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 1:10
17 Referans Kwoze  

Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.


Ekumeni kwawo wathi: “Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwa-Israyeli.”


UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.


“UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,


Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;


Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.


Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite