Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 “Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:7
34 Referans Kwoze  

UJehova wayesebulinda ububi, wasehlisela bona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kepha asililalelanga izwi lakhe.


Jehova, kithina kukhona amahloni obuso: kuwo amakhosi ethu, nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


Usuku lonke ukudunyazwa kwami kuphambi kwami, namahloni amboza ubuso bami


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.


“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.


Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.


Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.


Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.


Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo, ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;


“Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.


Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’


Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke, ngokuba lingihlubukile,” usho uJehova.


Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?


ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite