Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 asilalelanga izinceku zakho abaprofethi ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakobaba, nakubo bonke abantu bezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 asilalelanga izinceku zakho, abaphrofethi, ezazikhuluma egameni lakho emakhosini ethu, nasezikhulwini zethu, nakokhokho bethu, nakubo bonke abantu bezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi asilalelanga izinceku zakho, abaprofethi, ababekhuluma egameni lakho emakhosini ethu, izikhulu zethu, nawobaba, nakubo bonke abantu bezwe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:6
29 Referans Kwoze  

asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu ukuba sihambe ngemithetho yakhe ayibeka phambi kwethu ngezinceku zakhe abaprofethi.


namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nawobaba abagcinanga umthetho wakho, kabalalelanga imiyalo yakho nezixwayiso zakho obaxwayise ngazo.


Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.


Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.


“Izwi olikhulume kithi egameni likaJehova asiyikulilalela.


ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo; yebo, kanilalelanga,” usho uJehova.


niwalalele amazwi ezinceku zami abaprofethi engibathumile kini, ngibathuma njalonjalo, nina ningalalelanga,


Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.


ngokuba abalalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; konke ayala ngakho uMose inceku kaJehova kabavumanga ukukulalela nokukwenza.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela; ngokuba simhlubukile,


Nokho iminyaka eminingi wababekezelela, wabaxwayisa ngoMoya wakho ngesandla sabaprofethi bakho, kepha abezwanga; wawusubanikela esandleni sabantu bezizwe.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite