Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngenza isivumo sami, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, gcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:4
30 Referans Kwoze  

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


“Ngalokho, Nkulunkulu wethu, Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa, yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho, kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela*


Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.


Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


“Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite