Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:21
27 Referans Kwoze  

Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “NginguGabriyeli mina, omiyo phambi kukaNkulunkulu; ngithunyiwe ukuba ngikhulume kuwe, ngikubikele lezi zindaba ezinhle.


Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lathi: “Gabriyeli, menze lo ukuba aqonde umbono.”


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Kwathi ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu u-Eliya umprofethi wasondela, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, makwazeke namuhla ukuthi wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”


Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.


Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.


Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.


Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.


Ngezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.


Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.


UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.


Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.


Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.


Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.


owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.


Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha,


Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite