Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe mina Daniyeli ngaqonda ngezincwadi umumo weminyaka elakhuluma ngawo izwi likaJehova kuJeremiya umprofethi ukuba kupheleliswe ukuchithwa kweJerusalema, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina, Daniyeli, ngaqonda ezincwadini inani leminyaka izwi likaJehova elafika ngayo kuJeremiya umprofethi, ukuthi yayiyoqeda iminyaka engamashumi ayisikhombisa ekubhujisweni kweJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:2
32 Referans Kwoze  

Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.


ukuba ligcwaliseke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya, lize laneliswe izwe ngamasabatha alo sonke isikhathi liyincithakalo laligcina isabatha kuze kugcwaliswe iminyaka engamashumi ayisikhombisa.


Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.


“Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.


iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;


Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.


Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike.


Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?”


“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”


Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.


“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”


Akuyikudabula kulo unyawo lomuntu, akuyikudabula kulo unyawo lwesilwane, aliyikuhlalwa iminyaka engamashumi amane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite