Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 9:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wayesebulinda ububi, wasehlisela bona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kepha asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 9:14
16 Referans Kwoze  

“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha kithina amahloni obuso njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nakwabakhileyo eJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.


Nokho wena ulungile kukho konke okusehleleyo, ngokuba wenze ngeqiniso, kepha thina sinecala;


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.


Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova.


Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “UJehova ulungile.”


Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.


Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.


UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.


Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”


Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;


Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke, ngokuba lingihlubukile,” usho uJehova.


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Abamelene nalo sebe yinhloko, izitha zalo zinokuthula, ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.


“ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite