Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Futhi futhi ngokuhlakanipha kwakhe uyokwenza ubuciko obusesandleni sakhe buphumelele; futhi iyozikhulisa enhliziyweni yayo futhi ibhubhise abaningi ngokuthula; kodwa uyakwaphulwa kungengasandla.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:25
21 Referans Kwoze  

Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba nasesikhulwini sebandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi.


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.


Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.


“ ‘Kepha abahluleli bayakuhlala, basuse ukubusa kwayo kudliwe, kuchithwe kuze kube sekupheleni.


“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


Ukona kwendodakazi yabantu bami kukhulu kunesono saseSodoma elachithwa ngokuphazima kweso, kungasondelanga zandla kulo.


“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI


Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,


Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite