Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wayesesondela lapho ngangimi khona, lapho efika, ngesaba, ngawa ngobuso; kodwa wathi kimi: Qonda, ndodana yomuntu, ngoba kuzakuba khona isikhathi sokuphela.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:17
27 Referans Kwoze  

Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”


“Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.


Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto. Kuthe sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.


Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”


Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono.


Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami kungathi isimo somuntu.


Inkosi uNebukadinesari yayisiwa ngobuso, yakhuleka kuDaniyeli, yayaleza ukuba banikele ngomnikelo nangempepho kuye.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ezintabeni zakwa-Israyeli, uprofethe ngazo, uthi:


U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:


Wayesengiyisa ngaphambi kwendlu ngendlela yesango lasenyakatho; ngabuka, bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova, ngawa ngobuso bami.


Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.”


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite