Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele ethi kulowo owakhulumayo: “Koze kube nini umbono ongowemihlatshelo yemihla ngemihla nesiphambeko sencithakalo, ukunikelwa kwendlu engcwele nebutho ukunyathelwa phansi abe?

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 8:13
38 Referans Kwoze  

Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”


“Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.


“Ngabona emibonweni yekhanda lami ngisembhedeni wami, bheka, nango umlindi ongcwele ehla ezulwini.


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.


“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.


“Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.


Ngase ngithi: “Nkosi, koze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba uchitheke ube yize,


Koze kube nini, Jehova, uthukuthele njalo, ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?


U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ziyini lezi?” Yathi kimi: “Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.”


“Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.


“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.


Ngasondela komunye wababemi khona, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba.


“Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini, ethi: ‘Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,’


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Izimpawu zethu asiziboni; akusekho mprofethi; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?”


“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka, isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?


Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, niyakunyathelwa phansi yiso.


Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.


Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”


Yayinje imibono yekhanda lami ngisembhedeni wami: ngabona, bheka, nanko umuthi phakathi nomhlaba, nokuphakama kwawo kwakukukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite