Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 “Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kuze kube manje ukuphela kwendaba. Kepha uDaniyeli wami, imicabango yami yangethusa kakhulu, nobuso bami baguquka phakathi kwami; kodwa ngagcina indaba enhliziyweni yami.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:28
19 Referans Kwoze  

Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.


Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.


Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.


Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.


“Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono yekhanda lami yangihlupha.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


“Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”


Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo, sagijimela kuye, sambingelela.


“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”


Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.


Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.


Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela.


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?”


Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.


Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.


Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu, aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite