Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 kwaze kwafika oMdala wezinsuku, bahlulelwa abangcwele boPhezukonke; futhi safika isikhathi sokuthi abangcwele bathathe umbuso.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:22
17 Referans Kwoze  

Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,


Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.


“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.


Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite