Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDaniyeli wakhuluma, wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku, bheka, imimoya yomine yezulu yayibanga ulwandle olukhulu;

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:2
13 Referans Kwoze  

Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.


Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, kungabe kusabakho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.


Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.


Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.


Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxokozela kwabezizwe abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.


Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite