Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 7:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yanikwa ukubusa, nenkazimulo, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe ongayikuchithwa.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 7:14
41 Referans Kwoze  

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo.


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”


ngenze abaqhugayo babe yinsali, abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla; uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni kusukela manje kuze kube phakade.


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa


Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.


Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela; yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.


UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.


Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:


Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.


Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe, namandla ezimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.


nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza.


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.


Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.


UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite