Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 UDaniyeli waba nempumelelo ngesikhathi sokubusa kukaDariyu, nesikaKhoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kanjalo uDaniyeli lo waba nempumelelo ekubuseni kukaDariyu nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:28
10 Referans Kwoze  

UDaniyeli wayekhona kwaze kwaba ngumnyaka wokuqala kaKoresi inkosi.


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


oshoyo ngoKoresi ukuthi: ‘Ungumalusi wami, uyakufeza konke okwentando yami, athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa, nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”


Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.


“Usho kanje uKoresi, inkosi yasePheresiya, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda. Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.’ ”


PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”


Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*


owamisa izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube namuhla nakwa-Israyeli naphakathi kwabanye abantu, wazenzela igama njenganamuhla,


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite