Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Inkosi yasilaya, alethwa amadoda ayemangalele uDaniyeli, awaphosela emphandwini wezingonyama, wona, nabantwana bawo, nawomkawo; amabhubesi ababamba, bawaphula onke amathambo abo, noma baze bafika phansi emgodini.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:24
13 Referans Kwoze  

Ngakhala kwaze kwaba sekuseni; njengengonyama uyaphula onke amathambo ami; kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


Uyabuyisela okubi ezitheni zami; zibhubhise ngokweqiniso lakho.


kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.


Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”


“Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.


Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.


amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite