Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Inkosi yase iya esigodlweni sayo, yadlulisa ubusuku izila; izinsimbi ezibethwayo azilethwanga kuyo, ayizange ibuthi quthu ubuthongo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:18
16 Referans Kwoze  

Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela.


Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.


Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.


Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe,


Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi.


Amahabhu* ethu sawaphanyeka eminyezaneni ephakathi kwalo.


Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,* bathokoza ngezwi lomtshingo.


Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.


Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi; wayengalungisanga izinyawo zakhe, engalungisanga nesilevu sakhe, engahlanzanga futhi izingubo zakhe, kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.


Inkosi yavuka ekuseni kakhulu, yashesha yaya emphandwini wezingonyama.


Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.


Banqume ukuphila kwami emgodini, bangiphonsa ngetshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite