Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Base bephendula, bathi phambi kwenkosi: “UDaniyeli, wabantwana bokuthunjwa bakwaJuda, akakulaleli, nkosi, noma umyalo owusayinileyo, kepha wenza isicelo sakhe kathathu ngosuku.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 6:13
9 Referans Kwoze  

Kukhona amadoda abaJuda owabeke phezu kwezindaba zesifunda saseBabele, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; lawa madoda, nkosi, awakunakanga; awakhonzi onkulunkulu bakho, awakhuleki esithombeni segolide osimisileyo.”


Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.


U-Ariyoki wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”


Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?


UHamani wathi enkosini u-Ahashiveroshi: “Kukhona isizwe esithile esihlakazekile, sisakazekile phakathi kwabantu bezifunda zonke zombuso wakho; nemithetho yaso yahlukene neyezizwe zonke; futhi asigcini imithetho yenkosi; ngalokho akufanele ukuba inkosi isiyeke.


Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.


uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”


Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.


nokuba ongawi phansi, akhuleke, aphonswe phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite