Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Khona inkosi uBelishasari yesaba kakhulu, nokucwebezela kwayo kwaguquka kuyo, nezinduna zayo zamangala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkosi uBelishasari yasikhathazeka kakhulu, ubuso bayo baguquka phakathi kwayo, lezikhulu zayo zamangala.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:9
12 Referans Kwoze  

Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela.


Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.


Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.


Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.


Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite