Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwase kuguquka ukucwebezela kwayo, nemicabango yayo yayesabisa, zaxhega izinyonga zokhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Khona-ke ubuso benkosi bashintsha, futhi imicabango yayo yamethusa, kwaze kwaxebuka amalunga ezinkalweni zayo namadolo ayo ashayana.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:6
21 Referans Kwoze  

Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


“Nakhu ukuphela kwendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, nokucwebezela kwami kwaguquka kimi, kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.”


Zonke izandla ziyakudangala, nawo onke amadolo abe buthakathaka njengamanzi.


Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.


Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”


Amehlo abo mawafiphale, ukuze bangaboni; izinkalo zabo zintengezele njalo.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.


Ngomnyaka wesibili wokubusa kukaNebukadinesari uNebukadinesari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, nobuthongo bakhe bambalekela.


Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.


Akakho oyakukhathala, akhubeke kuso; akakho oyakozela, alale; ibhande* lezinkalo zabo aliyikuthukuluka, nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu, yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.


Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite