Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kwathi uBhelishazari esalinambitha iwayini wayeseyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, lezo uNebukhadinezari, uyise, ayezithathe ethempelini eJerusalema, ukuba inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UBelishasari, enambitha iwayini, wathi kulethwe izitsha zegolide nezesiliva uyise uNebukadinesari azithatha ethempelini laseJerusalema; ukuze inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze kulo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:2
23 Referans Kwoze  

INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova.


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda, abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?


Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ezinsukwini zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha njengokuhlakanipha kwawonkulunkulu; inkosi uNebukadinesari, uyihlo yambeka induna yezanusi, neyabathwebulayo, neyamaKaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,


Baphuza iwayini, batusa onkulunkulu begolide, nabesiliva, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe.


Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke lokho wakuyisa eBabele.


Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.


Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Emva kwakhe wathatha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti.


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”


Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;


“Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova, naphezu kwabakhileyo eBabele, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwezihlakaniphi zalo.


Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.


Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite