Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ngenxa yobukhulu owamnika bona, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngenxa yobukhulu abunika yena, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; futhi lowo ayethanda wamgcina ephila; lalowo ayethanda ukumvusa; lalowo ayefuna ukumbeka phansi.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:19
22 Referans Kwoze  

Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”


Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”


Yebo, iwayini liyakhohlisa, lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma, owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe iquba, ngokuba akakho omunye unkulunkulu ongophula ngale ndlela.”


Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Ahlabelela igama elisha, athi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,


wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele.


ngiyakuwunikela esandleni sonamandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.


Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.


“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.


Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo, ungemi endabeni embi, ngokuba yenza konke ekuthandayo.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite