Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDaniyeli 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, nokwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, nokubonakalisa izimfumbe, nokuthukulula amafindo kuye uDaniyeli lowo inkosi eyambiza ngokuthi uBeliteshasari; kalokhu makabizwe uDaniyeli, uyakubonakalisa incazelo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 ngokuba kwafunyanwa umoya odluleleyo, ukwazi, nokuqonda ukuchaza amaphupho, ukudalula izimfumbe, nokuqaqa amafindo kukuye uDaniyeli, lowo inkosi eyambiza ngokuthi nguBhelitheshazari; manje makabizwe uDaniyeli, uyakuyisho incazelo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba umoya omuhle kakhulu, nokwazi, nokuqondisisa, nokuchaza amaphupho, nokumemezela izahlulelo ezilukhuni, nokususa imibuzo kuDaniyeli lowo inkosi eyambiza uBeliteshasari; makukhulunywe ngaye uDaniyeli, aveze incazelo.

Gade chapit la Kopi




UDaniyeli 5:12
16 Referans Kwoze  

Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu, ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye; inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wawonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya nokuqonda nokuhlakanipha okudluleleyo.


Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.


Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo, uthukulule amafindo; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo, ungazise incazelo yawo, uyakwembathiswa okububende, ube nomgexo wegolide entanyeni yakho, ubuse ube ngowesithathu embusweni.”


Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe, kepha indlela yababi iyabadukisa.


Kodwa ngasekugcineni kwangena uDaniyeli phambi kwami ogama lakhe linguBeliteshasari njengegama likankulunkulu wami, okuye umoya wawonkulunkulu abangcwele; ngamtshela iphupho, ngathi:


Abangcwele abasemhlabeni, abayizikhulu, yonke intokozo yami ikubona.


Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.” UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.


bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


Inkosi yaphendula, yathi kuDaniyeli, ogama lakhe lalinguBeliteshasari: “Ungangazisa iphupho engilibonileyo nencazo yalo na?”


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite